Khuluma nomhlaba
Yini i-Esperanto?
Ulimi oluhlukile
Ngale kokuthi i-Esperanto ayiyona ingxenye yezinye izilimi zabantu, ayifani nezinye izilimi:
Ngale kokuthi i-Esperanto ayiyona ingxenye yezinye izilimi zabantu, ayifani nezinye izilimi:
- Kulula ukuyifunda
- Iyalandeleka futhi amagama akhiwe ngendlela ethile; ubuningi, ukuphinyiswa njalonjalo.
Ivelaphi i-Esperanto?
Umbhalo wokuqala wesi-Esperanto wabhalwa nguDr. L Zamenhof ngo 1887. Wayesuswa ukuthi ulimi lwesibili olwejwayelekile lungasiza ekwenzeni ngcono ukuqonda phakathi kwabantu abakhuluma izilimi ezahlukene ezweni labo kanye nasezizweni ezahlukene.
Nge 20th century lolu limi lwasabalala e-Europe naseBrazil, nase-Iran njll. Namhlanje sebebalelwa ku-2 million(1) abakhuluma i-Esperanto emazweni angaphezu kuka-100.
(1) Umthombo: World Almanac and Book of Facts, 1990, New York

Isetshenziselwani i-Esperanto?
Ngaphezu kwakho konke, i-Esperanto iyindlela yokuxhumana:
- nabantu bakwamanye amazwe naphesheya kwezilwandle ngokuxhamana ngezindlela ezinhlobonhlobo
- nomhlaba usekhaya (ungasiza labo abavakashile ngendawo yokuhlala noma nje uxhumane nabo)
- Ungasiza futhi nomakhelwane bakho bezinye izilimi.
Ukuqonda ngamanye amasiko nezinye izilimi
I-Esperanto ikusiza ngalokhu:
- ikuxhumanise nezinhlanga ezahlukene ngemibhalo nangezomculo njll;
- Ikunika ukuqonda okuthe thu thu ngolimi lwakho kanye nezinye izilimi.
Ukuzizwa uzibandakanye nabanye
UBernard Londoni Runyerera uthi:
“I-Esperanto, njengolimi olungachemile, lungulimi oluhloniphekile nolokuzibandakanya nabanye. Abantu abakhuluma i-Esperanto abaphuma emazweni ngamazwe ahlukene bangisiza kaningi ezikhathini ezinzima.”
Ziningi izibonelo zemikhakha eseyasizakala njengseTanzania ngomsebenzi ophathelene namandla atholakala elangeni kanye nesikhungo esiseThekwini sokukhoselisa ababaleki.
Udinga Isibonelo?
UAsterix naye uyayikhuluma i-Esperanto.
(lapha uthi: “Sanibona, igama lami nginguAsterix.
Ngigijimela ukuyosiza umngane wami uObelix!”)
(lapha uthi: “Sanibona, igama lami nginguAsterix.
Ngigijimela ukuyosiza umngane wami uObelix!”)
Kwenzakalani e-Afrika?
NaseAfrika i-Esperanto iyasabalala njengoba isiyaziwa emazweni ayishumi nantathu(2), Imibuthano emine yaseAfrika iyilokhu yaqala ngo1990, kunezinhlobonhlobo zemibhalo eyahunyushwa kanye nebhalwe ngezilimi zayo zendabuko kanye nentuthuko ehlanganisa amazwe omhlaba exhaswa yilolu limi.
Njengolimi olungachemile, i-Esperanto wulimi okungangabazeki ukuthi lusetshenziswe ekuxhumaniseni umhlaba. Kuyindlela futhi yokuxhumanisa i-Afrika nomhlaba wonkana jikelele futhi kuyindlela yokuba wonke umuntu azuze ekuhlanganyeleni namanye amazwe omhlaba.
(2) Algeria, Benin, Cameroon, DRC, Egypt, Ghana, Ivory Coast, Madagascar, South Africa, Tanzania, Togo, Tunisia, Zimbabwe

Kafushane
Uzothola ukuthi i-Esperanto:
- Iwulimi olwakhekhe ngendlela emangalisayo, nelandelekayo kanye nenothile;
- Iwulimi olungabandlululi kunazo zonke ezinye izilimi zamazwe;
- Ikuvulela amasango okuba uvakashele yinoma yiliphi ilizwe emhlabeni ngentengo ephansi ube uzothola ukugculiseka;
- Ikusiza ukuba uhlangane nabantu bezinhlobo ngezinhlobo ngaphandle kokuphuma ekhaya lakho;
- Ikuxhumanisa nabantu enithanda izinto ezifanayo nabo yinanoma yikuphi lapho bekhona;
- Ikuvulela amasango okuhlanganyela nabanye emhlabeni wonke jikelele;
- Ikuvulela amathuba omcebo wezizwe ezahlukene ngemibhalo nangomculo wazo;
- Ikusiza ukuqonda kangcono ulimi lwakho kanye nezinye izilimi.